Umnyango wezemfundo nezinhlelo zokulwisana nokubhebhetheka kwegciwane lengculaza

SamaJobe
2 min readFeb 28, 2020

--

Umnyango wezemfundo esifundazweni oholwa nguMnu Kwazi Mshengu, uthi unezinhlelo eziqhubekayo ezikoleni ukufundisa abafundi ngokuzithiba nokuvikela ukuthola igciwane lengculaza nesandulela salo.

Isithombe: gettyimages

Lokhu kuza ngemuva kokuba I-South African Health Review (SAHR) ka-2019 kwisahluko 15 iveze ukuthi kufundiswe abesifazane ngokuvikela igciwane lengculaza, ikakhulukazi amantombazanyana asemancane ngenxa yokuthi iwona asengcupheni.

Ngokwe-SAHR 2019, ukuziphatha kahle kwalamantombazanyana ikhona okungehlisa izinga lokuba atheleleke ngalesi sifo uma begxila ekubeni nomlingani oyedwa aya naye ocansini.

Abe-SAHR 2019 baphinde baveza kuso isahluko 15 ukuthi ucwaningo lwabo lukhomba ukuthi indlela yokuziphatha ebudlelwaneni babo ngokuba nabalingani abaningi ikhona okwenza bagcine bethatha izinqumo ezibafaka engozini, izinqumo ezifana nokuzijabulisa nabo bonke ngokocansi. Abanye abazi lutho ngengculaza nokuvikelwa kwayo. Bese kuba ilaba abakholelwa ukuthi ukuthi @ uma umlingani wakhe engenalo igciwane lokho kuchaza ukuthi naye umsulwa, okungumkhuba owenziwa abesilisa kakhulu.

Owomnyango wezemfundo kulesi sifundazwe, ehhovisi likangqongqoshe Kwazi Mshengu, uSandile Phakathi, uthe ngoba lezi zingane ekukhulunywa ngazo zingabafundi kuyaphoqa ukuba balekelele umnyango wezempilo ngoba iminyango kahumeni yomibili kodwa ehlinzeka ngezinto ezingafani.

“Sethule i-Curriculum efundisa ngezocansi kanye nazo zonke izifo ezithathelana ngokocansi. Siphinde sifundise ukuthi bangazivikela kanjani, okunguhlelo oluqhubekayo kumanje ezikoleni esinethemba lokuthi zizofundiseka izingane,” kuchaza uPhakathi.

Umnu Ndumiso Ngema onguthisha eMbheki High School, eMzinyathi eNyakatho yeTheku, uthi umnyango wezemfundo uzame kakhulu ekutheni kuvikeleke abafundi kuzona zonke izifo ikakhulukazi ezithathelana ngokocansi. Uthi umnyango wethule uhlelo olubizwa nge-Integrated School Healthy Program (ISHP) lapho ubambisene khona nomnyango wezempilo. Kuloluhlelo kubizwa abahlengikazi ezikoleni njalo uma kuqala unyaka bese kubizwa umfundi ngamunye ukuba akhulume nomhlengikazi ngasese. Uphethe ngokuthi lolu hlelo ulubona lusiza ngoba abafundi besifazane baphuma sebekuqonda ukubaluleka kokuzazi isimo sakho sempilo balangazelele nokugqugquzela abathandana nabo ukuze babe nobudlelwane obuphephile.

Umnu Celani Sosibo ocele ukuba singavezwa isikole asebenza kusona ngenxa yokuthi akagunyaziwe ukukhuluma nabezindaba, uveze ukuthi kunencwadi yesifundo se-Life Orientation eyethuliwe yebanga lesi-8 kuya kwibanga-12 egxile ekuqwashiseni abesifazane ngokwenza ucansi olungavikelekile nezifo ezithathelana ngokocansi. Waphetha ngokuthi izinga lokukhulelwa lehlile nokukhombisa ukuthi kusho ukuthi sebeyazivikela uma beya ocansini, nokwenza kubonakale sengathi le ncwadi iwusizo.

Listen to Clips by Sama Jay on #SoundCloud
https://soundcloud.com/user-489831684/clips-1

--

--

SamaJobe
SamaJobe

Written by SamaJobe

South African 🇿🇦| Based in India 🇮🇳| Qualified Journalist | Actor/FB: Sama Jobe IG&Twitter: @iamsamajobe

No responses yet