Umangaze abaningi uZodwa Wabantu ebamba umlandeli ngasinqandu

SamaJobe
2 min readAug 8, 2019

--

Sama Jobe

Usekuphindile lokho futhi uNontandakubukwa wakuleli, uZodwa Libram odume ngelikaZodwa Wabantu ovele enze into eshiya abantu bekhexile. UZodwa ufake isithombe ezinkundleni zokuxhumana i-Instagram ebambene nomunye wabalandeli phakathi kwezihlwele ngesinqandu, noma kungacaci ukuthi yini eholele ekutheni kufike kulesimo kodwa uZodwa uyabonakala ukuthi uyena osuke wahambise ubuso egobele ezihlweleni kwesingenhla ezitika ngamanzi wewolintshi. Abaseduzane babonakala bemangele abanye beshutha ngamaselula ngesikhathi umlisa ebukeka esithokozela isinqandu eze wabamba uZodwa esilevini ngesikhathi yena ebambelele kwabanye abantu abaseduzane nalomlisa elingatholakalanga igama lakhe.

Isithombe, Instagram: @zodwalibram

Umbhalo ohambisana nalesi sithombe ufundeka kanje: “Angikho sebudlelwaneni. Ungangibuzi lutho. Ngibona kufanele nginazise ngoba nganginazisile ngaye (Ntobeko Linda), akekho ophingela omunye phakathi kwethu. Usengathandana nanoma inobani nami futhi ngokunjalo, sihloniphanile kwaze kwafika la. Ngizosusa yonke into enaye ekhasini lami, ngimfisela okuhle kodwa, mina okwami ukujabulisa abantu, ngingowabantu,” kubhala uZodwa.

UZodwa ubhale lokhu emva kwamahlebezi asewaqinisekisile naye ukuthi yena nesoka lakhe uNtobeko Linda sebehlukene emva kokuthatha ikhefu lapho uZodwa ebelindele ukuthi uLinda amlwele kodwa wangakwenza lokho. Ephawula uLinda kwabezindaba ngokuhlukana no-Sugar Mama wakhe wathi uZodwa uyalazi iqiniso. UZodwa uselokhu emangalisa kuleli ngezimanga azenzayo kulandela ukulobola isoka lakhe elingelaseNtuzuma eNyakatho yeTheku. Lokho kwandulelwa isenzo esathusa wonke umuntu kade eveza i-Video esendaweni edayisa amabhokisi omngcwabo eyozikhethela elakhe elilinde ukuthi mhla eshona. Akagcinanga lapho ngoba emasontweni edlule ufake i-Video ekade eyolungisa iNanazi ethi ibisexega kakhulu.

Isithombe, Instagram: @ntobzz

Khona ezinkundleni zokuxhumana izolo ufake isithombe sendandatho ebiza uR55 000 ethi uzoqhubeka ayigqoke noma engasazimisele ngokushada ngoba uyayithanda indandatho yakhe ebizayo. Kubukeka zimhambela kahle izinto ngoba emasontweni edlule usanda kuthenga unyanyavu kwemoto nalapho ashiya abantu bezibuza imibuzo ngempilo yakhe ngesikhathi ethi usebenzisa imilenze yakhe nengqondo ukuze athole izinto ezinhle.

Isithombe, Instagram: @zodwalibram

--

--

SamaJobe
SamaJobe

Written by SamaJobe

South African 🇿🇦| Based in India 🇮🇳| Qualified Journalist | Actor/FB: Sama Jobe IG&Twitter: @iamsamajobe

No responses yet