By Sama Jobe
Kutatazele wonke umuntu kutheleka ezikadalawane emngcwabeni obusendaweni yaseMkhunya, kwaDumisa, eNingizimu yeKwaZulu-Natal, emzini wakaNdlovu ngoMgqibelo. Noma kungavelanga ukuthi umuntu oshonile ubengakanani, kodwa umthombo obusemngcwabeni uthi amaphoyisa abizwe abantu bendawo.
Isithombe: Bona Magazine
"Amaphoyisa afikile umngcwabo vele ubusuphakathi usuzophela. Abaxosha athi akusale abantu abangu-50, abantu bahamba bazingenela komakhelwane vele amaphoyisa akazi ukuthi umuntu owakabani. Utshwala bebuyinqwaba nokudla ngokunjalo futhi abantu bakubonile, kube nje ukuhamba kwawo bazibuyela abantu badla ukudla baziphuzela utshwala wephela-ke umngcwabo. Akudlalwa ngapha, waphula umthetho ayabizwa amaphoyisa," kusho umthombo.
Kuzokhumbuleka ukuthi kusukela uMengameli wezwe uCyril Ramaphosa amemezela i-Lockdown yezinsuku ezingu-21,kwavalwa nokuhlangana kwabantu abaningi endaweni eyodwa, kwahlehliswa nemicimbi eminingi, nemingcwabo ayisalanga ngaphandle. Nakuba ingamiswanga, kodwa kwabekwa imigomo ethile ekumele ilandelwe. Imilindelo ayisavumelekile, inkonzo yemingcwabo ithanyelwa abantu abangu-50 futhi uba ihora elilodwa bese uyaphela.
UMnuz Ndumiso Madlala, osebenza kwa-Avbob eXopo, uthi baphazamisekile ukusebenza ngoba eminye iminyango kwa-Avbob ivaliwe kuvulwe umnyango wezemingcwabo kuphela.
"Akusebenzeki ngendlela ngoba nemizimba sesiphoqelekile ukuyihambisa ngoMgqibelo ekuseni ukugwema ukuthi kube nemilindelo, nemingcwabo sekumele kube khona abantu abangu-50," kuchaza uMadlala.
Sizame ukuxhumana nomphathi wenkampani yabangcwabi, uMnuz Sonwabile Shezi ongazange ayiphendule imiyalezo athunyelelwe yona kodwa kukhombisa ukuthi uyifundile. Ngenhlanhla sithole omunye walenkampani, uMnuz Lindelani Maduna, okhulumela iSinombuso Funeral Service, okungabangcwabi abazinze eHarding, eNingizimu yeKwaZulu-Natal, uthi baphazamisekile endleleni abasebenza ngayo.
UMnuz Lindelani Maduna okhulumela iSinombuso Funeral Service. Isithombe: www.facebook.com/maduna_lindelani_mande
" Thina uma kushoniwe sihambisa itende elinezihlalo kanye nezitsha nokunye. Asisavumelekile ukukwenza lokho ngoba itende lidonsa amehlo wabantu. Kubuhlungu ngoba ikhasimende lethu lisuke likhokhile. Enye ingqinamba esibhekana nayo ukuqinisekisa ukuba umngcwabo unabantu abangu-50, yithina ekumele sithole uhla lwabantu ebebesemngcwabeni ngokubabhalisa amagama wabo. Kweminye imindeni lo-50 uhlanganiswa umndeni nezihlobo kuphela, bese bevaleleka ngaphandle omakhelwane," kusho uMaduna.
UMnuz Sonwabile Shezi ongumphathi weSinombuso Funeral Services. Isithombe: www.facebook.com/sinombuso_funeral_services
Khona manjalo, uphethe kabi umshado obuseNseleni eRichards Bay, eNyakatho yeKwaZulu-Natal ngawo uMgqibelo, kutheleka abomthetho kushadwa.
Umakoti eboshwa ngosuku lomshado eNseleni eRichards Bay. Isithombe ngabe-Times Live
Ezithombeni nama-Video azungeza ezinkundleni zokuxhumana, kuvela umakoti engena emotweni yamaphoyisa. Kanti kuthiwa bonke ebebehambele lo mshado bazovela enkantolo ngokuphula umthetho obekiwe wokuthi bangahlangani abantu abaningi endaweni eyodwa ngenhloso yokunqanda ukubhebhetheka kwe-COVID-19.
Abantu abebehambele umshado obuseNseleni okulindeleke ukuthi bavele enkantolo maduze. Isithombe ngabe-Times Live
Imicimbi eminingi kanye nemishado yahlehliswa kulandela ukumenyezelwa kokuvalwa kwezwe izinsuku ezingu-21, nokungahlangani kwabantu abevile ekhulwini endaweni eyodwa. Isihlabani somsakazo Ukhozi FM, uMnuz Khathide Ngobe, odume ngelikaTshatha, naye uhlehlise umcimbi wokwembesa ingoduso yakhe obekulindeleke ukuba kube kulenyanga.