Sama Jobe
Banemibono ehlukile abantu ngohlelo lokuvala izwe i-Lockdown izinsuku ezingu-21 olwamenyezelwa umengameli wezwe uCyril Ramaphosa ngoLwesibili olwedlule, ngenhloso yokwehlisa ukubhebhetheka kwegciwane I-Coronavirus ehlasele umhlaba wonke.
Isithombe: Siphiwe Sibeko/Reuters
Kuthuke abaningi ngoLwesihlanu uma umnyango wezempilo kuzwelonke oholwa ngu-Dkt Zweli Mkhize, umemezela ukuthi sekushone oyedwa esifundazweni sase-Western Cape obehaqwe ileli gciwane. Kanti sebengaphezu kuka-1000 abantu asebehaqwe ilolubhubhane ezweni lonke. Esifundazweni saKwaZulu-Natal sisahleli ku-134 asebehaqwe ilolubhubhane.
Kushube isimo izolo kungusuku lokuqala lwe-Lockdown ezitolo abantu beyothenga ukudla okuzobaqhuba izinsuku ezingu-21. Yize kumenyezeliwe ukuthi abantu bangatatazeli ngoba izitolo angeke zivalwe, kodwa enxanxatheleni yezitolo KwaMnyandu Shopping Center, eMlaza eNingizimu yeTheku, bekunojenga olude lukalayini obheke eShoprite nase-Pick n pay. UMnuz Ntando Zulu ohlala eMlaza obeyingxenye yabathengi izolo uthi into eyenze bagcwale ngosuku lokuqala lwe-Lockdown ukuthi bebengenalo ithuba lokuthenga bebanjwe umsebenzi.
“Ithuba silithole namuhla (Izolo), ngeke singezi noma sazi ukuthi izitolo azizuvalwa kodwa ngoba abantu bathenga mawala uzothi uma uhlala kuphele ukudla ezitolo bese bathi abakwazanga ukulanda okunye ngenxa ye-Lockdown,” kusho uZulu. Uphethe ngokuthi isidingo se-Lockdown ubengasiboni ngoba sitatazelisa abantu.
Abantu beme ulayini obheke esitolo sakwa-Shoprite KwaMnyandu Shopping Center. Isithombe: Sama Jobe.
UMnuz Khulekani Khenisa, uthi eMgungundlovu yena ubona kuzifanela ngoba namaphoyisa akakaze awabone. Uthi ngesingaye i-Lockdown izobambezela izinto eziningi kodwa-ke unethemba lokuthi umehluko uzobonakala emva kwalezi zinsuku ezibekiwe.
“Kunento nje ebambezelekile ebeyizongingenisela imali, ayisezokwenzeka ngenxa ye-Lockdown. Inzima into esibhekene nayo kodwa sinethemba lokuthi isimo nje asidlulayo,” kuphetha uKhenisa.
UMnuz Kwanda Sithole, ongumhlali waseMnambithi ophinde abe ngumsakazi emsakazweni womphakathi ozinze edolobheni laseMnambithi, uthi kuthulekile edolobheni kushaya umoya njengoba yena ehlezi ekhona uma eya emsebenzini. Uqhube ngokuthi akazazi ukuthi uzizwa kanjani ngalezi zinsuku ezingu-21 kodwa ulindele ukubona umphumela wazo.
“Ngiyathemba ukuthi ezinsukwini ezingu-10 noma 15,uma kufika lezo zinsuku uzoba usukhona umehluko. Uma ungekho ngizolilahla ithemba, iyathusa nje le nto,” kubeka uSithole.