By Blessing Sithole
Othisha bathi balindele lukhulu uma kuza ngakwezokuphepha kumengameli wezwe uma esethula inkulumo yakhe i-State of the Nation Address (SONA), ngomhlaka-13 kwephezulu.
Isithombe: Twitter.com
Othisha bathi balindele lukhulu uma kuza ngakwezokuphepha kumengameli wezwe uma esethula inkulumo yakhe i-State of the Nation Address (SONA), ngomhlaka-13 kwephezulu.
Ngonyaka odlule kwabukeka sengathi Izakhamizi aziyizwa kahle inkulumo kamengameli uCyril Ramaphosa ikakhulukazi ezinkundleni zokuxhumana lapho kwakuzungeza khona isithombe sakhe senziwe sengathi ulele uyaphupha, okufakazela ukuthi Izakhamizi aziyizwanga kahle inkulumo yakhe.
Othisha abazibekile phansi nabo bathi bazocwijisa izindlebe ukuzwa ukuthi uzowubekaphi umnyango wezeMfundo kulokhu, ikakhulukazi ezokuphepha njengoba kunobugebengu nodlame ezikoleni okwenza basebenze benovalo. Kanjalo nabafundi bazizwa bengaphephile uma besemagcekeni wesikole.
Ngonyaka odlule wagxila ekuthuthukiseni ezemfundo ngobuchwepheshe njengoba athi eminyakeni eyisithupha ezayo, umfundi ngamunye uzohlomula nge-tablet ezokwenza kube lula ukwenza umsebenzi wesikole. Lolu hlelo wathi luzoqala ezikoleni ezisemakhaya.
Othisha bakhala ngabafundi abaphatha izikhali nabasebenzisa izidakamizwa ezikoleni, bathi bazizwa bengaphephile ngoba abafundi banolaka olungalawuleki okwenza bagcine sebezisebenzisa lezi zikhali balimazane bodwa.
UNksz Zanenhlanhla Mkhaliphi ofundisa eCator Crest Primary School, okhulume nabezindaba uthe yena kukhona konke ulindele ukuzwa ukuthi kubekwaphi ukuphepha kwabo njengabothisha. Uqhube wathi bekungakuhle vele ukuba kubuzwe bona eminyangweni ukuthi yini abayilindele.
UNksz Nothile Zulu, ofundisa eSivelile Secondary School nozakwabo uNkk Ntombenhle Zikhali, bathi abakulindele ukuzwa ukuthi izidakamizwa nezikhali ezigcwele ezikoleni kuzokwenziwa njani ngazo ngoba abazizwa bephephile. Baphethe ngokuthi nokushintsha uhlelo lonogada kungasiza ngoba onogada abanabo ezikoleni abaziphathi izibhamu kanti banezinto ezibalulekile ezidonsa izinswela boya ezenza onogada basebusuku bangaphephi.
Nksz Nomathemba Simamane naye uhambe phezu kwamazwi ozwakabo ukuthi makube nendlela yokulwa nezidakamizwa ezikoleni ngoba lokho kuhlukumeza nabanye abafundi abangazisebenzisi bazizwe bengaphephile ngenxa yokuthi uhlobo lwalabafundi abasebenzisa izidakamizwa ezikoleni baba ngamabhoklolo kwabanye.
Clip:
Listen to REC_0000041.wav by Sama Jay on #SoundCloud
https://soundcloud.com/user-489831684/rec_0000041-wav