Sama Jobe
Kube muncu emijondolo yase-Ekuphumeleleni, eMarianhill, eNyakatho yeTheku onogada bakwa-Calvin Security abasebenzisana noMasipala weTheku bethela othulini imijondolo ebalelwa kwemihlanu ngoLwesihlanu emini.
Umjondolo odilizwe ngabakwa-Calvin Security eMarianhill, isithombe sithunyelwe.
Ngokwesitatimende esikhishwe inhlangano Abahlali baseMjondolo, sithi emva kokuba umengameli wezwe u-Cyril Ramaphosa ememezele ukuthi kuzomiswa yonke into eNingizimu Afrika, wenza isethembiso sokuthi azikho izindlu ezizodilizwa noma abantu abazophoqwa ukuba baphume ezindlini ngenhloso yokunciphisa ukubhebhetheka kwegciwane i-Covid 19.
“Ngezithuba zabo-12h30 emini, onogada bakwa-Calvin Security, bafike emijondolo yase-Ekuphumeleleni eMarianhill, okuyindawo engaphansi kukaMasipala weTheku. Badiliza imijondolo emihlanu okwenza kube ihlandla lesibili lokugasela kwabo kusukela kwaqala i-Lockdown. Lokhu kuphula isethembiso esenziwe uhulumeni esizweni sonke kulesikhathi esibucayi,” kusho isitatimende.
Isitatimende siqhubeka sithi nakuba izwekazi laseNingizimu Afrika libambisebe nezakhamizi kodwa UMasipala weTheku kubukeka sengathi uyahluleka ukukwenza lokho, kulandela ukuthi kubekwe amathangi amanzi eduze kwemfucuza esekunesikhathi ingalandwa. Ukungaxhumani kukaMasipala nomphakathi kwenza abantu bangazi noma aphephile yini amanzi ukuthi angaphuzwa noma awokugeza izandla.
Okhulumela inhlangano Abahlali baseMjondolo, uMnuz Mqapheli Bonono, uthi akukho lapho abantu ebebezoya khona ngakho bekumele bavuse izindlu zabo.
“Basendaweni abadilizelwe kuyona, bazama ukuvusa imizi yabo ngoba akukho lapho bezoya khona,” kubeka uBonono.
UMnuz Sfiso esingatholakalanga isibongo sakhe, uthe yena wakhe umjondolo ngoba ebona ukuthi yena nomndeni wakhe baningi endlini eyodwa Kanti umthetho obekwe uHulumeni uthi abantu bangahlali ngokusondelana futhi bangabi baningi endlini eyodwa njengoba kwehliswa ukubhebhetheka kwe-Covid 19. Uphethe ngokuthi ulahlekelwe imali eningi njengoba indlu yakhe beyakhiwe ngothayela omusha ceke.
Indlu kaSfiso ebeyakhiwe ngothayela omusha yonke edilizwe ngonogada bakwa-Calvin Security eMarianhill, isithombe sithunyelwe.
UNkk Majola, naye elingatholakalanga igama lakhe, uthe uyilungu lekomiti elihola umphakathi. Uthi babone ukuthi kungakwehlisa ukubhebhetheka kwegciwane uma imindeni ihlala ngokukhululeka bangampintshani ezindlini ezincane. Uphethe ngokuthi nakuba izindlu ezidiliziwe zizintsha, kodwa ezinye zazo bezihlala abantu.
Le nhlangano ithathe izinyathelo zomthetho yase ithumela incwadi yabameli kuMasipala weTheku abezindaba abayibonile. Le ncwadi iyaveza ukuthi abameli bamele abahlali base-Ekuphumeleleni kanye nenhlangano Abahlali baseMjondolo. Iqhuba ithi ngomhlaka-27 kwephezulu, ngezithuba zabo-2 ntambama, onogada bakwa-Calvin Security badilizele abahlali abangu-8 izindlu basala dengwane, ngokuthunywa ikhansela laku-Ward 17 uCllr Sibusiso Kwela. Le ncwadi iveza ukuthi zingu-8 izindlu ezadilizwa kwase kumakwa ezingu-17 njengezingekho emthethweni kade befike okokuqala. Sebefika okwesibili behamba ngezimoto ezingu-9, ngeSonto badilize ezinhlanu bamaka eziyishumi njengezingekho emthethweni nokushiye abahlali benovalo ukuthi bazobuya bezodiliza ezinye. Abameli bayalele UMasipala ukuthi ubhale incwadi ngoMsombuluko uhoxise ukudilizwa kwalezindlu, ngale kwalokho bazodlulisela loludaba enkantolo ephakeme.
Okhulumela UMasipala weTheku, uMnuz Msawakhe Mayisela, ukhale ngamasela asebenzisa lesi sikhathi se-Lockdown ukudla umhlaba ngokungemthetho, ngenhloso yokungcolisa igama likaMasipala weTheku.
“Singakuqinisekisa ukuthi kukhona ukuphulwa komthetho okwenzekile ngokuthi abantu bathathe i-advantage yalesimo esibhekene nezwe bese bakha imikhukhu, ngoba benethemba lokuthi umthetho ngeke uthathe indima yawo. Asisho ukuthi le mijondolo eyakhiwe beyingenamuntu ngakho sikwenze konke ngokusemthethweni ukuyidiliza. Sizoqhubeka futhi sikwenze lokho uma abantu beqhubeka nokuphula umthetho,” kuchaza uMayisela.
Uqhube ngokuthi kungamampunge ukuthi bekunabantu ebebephakathi, usola izinhlangano ezimele abahlali basemjondolo ngokusenga ezimithiyo ngenhloso yokwakha isithombe esibi ngedolobha laseThekwini. Uphethe ngokuthi abantu abaphula umthetho, benguMasipala bazoqhubeka babhekane nabo.