SamaJobe
Namuhla sikuphathele uswahla lwensizwa ende yakwaMhlab’uyalingana, umzukulu kaGogo. Ngisho kanje ngoba ngizwe ngaye ethi wakhuliswa nguGogo ngesikhathi umama wakhe esebenza eMpangeni. UZamani Siphamandla Mathaba (24), owaziwa ngelika-Zamoney M uyi-Model esiwine imiklomelo eminingi kulomkhakha.
Zamoney M, Isithombe: Facebook Zamoney M Mathaba
Kuyiqiniso-ke ukuthi umuntu ufunda aze afe, bengingazi ukuthi nama-Models aziqamba amagama athanda ukwaziwa ngawo njengoba uZamani esho ukuthi unegama aziwa ngalo ekungasilo igama lakhe langempela noma aliqanjwa ekhaya. Uqale amabanga aphansi wemfundo eThandiwe Primary School khona kwaMhlab’uyalingana, wase edlulela eMpangeni eMatamzana High School. Emva kokuphothula uMatikuletsheni, ube esefunda izifundo zobunjiniyela eBerea Technical College, ufundile umfama ngoba unane-Diploma kwi-Information Technology azithola ePC Training Business College. Njengamanje ungumphathi zimali kwiGatsha lakwa-OMAP Finance ePinetown.
Zamoney M, Isithombe: Facebook Zamoney M Mathaba
Uphuma emndenini omkhulu-ke ngoba kuhlangothi lukayise bayishumi nanhlanu, kumama wakhe bathathu kanti yena ungowokuqala. Okubuhlungu-ke ukuthi ubaba wakhe uye wadlula emhlabeni ekuqaleni kwalonyaka ngomhlaka 02-January 2019 ephethwe isifo somdlavuza. Ake sikhulume ngokuthi wangena kanjani-ke kulendima yezokumodela, uthi ngo-2013 eqala ngqa ukuba seThekwini ezihambela nje enxanxatheleni yezitolo ephithizelayo edumile eThekwini, egqoke kahle kwase kuqhamuka owesifazane ogama lakhe ngu-Lissane Lazarus. Kusho ukuthi uyimodeli naye ngoba kuthiwa wake waaba ngu-Miss DUT, Miss Sundown kanti useke awine nomncintiswano waka-Tropica, ukukha nje phezulu. Miss Lazarus kuzomele ubuye ungithinte ngesakho isikhathi njengamanje sisaxoxa ngalensizwa yekhethelo, uthi-ke losisi wabe esembuza ukuthi ngabe uyimodeli na, umfana oziqhamukela emakhaya oziqondanisele ukotini nje wazini ngokuModela kodwa Lissane? Waphendula ngokuthi cha, wabe esemchazela ngomncintiswano wamamodeli osenxanxatheleni yezitolo iCity View Shopping Centre ekhona eThekwini ngase-Durban Station. Wawungenela lomncintiswano wawina, lwaqala lapho uthando lokumodela njengoba eseqoqe izindondo eziningi kangaka kulomkhakha. Sibonga kuwe we-Lissane.
Zamoney M, Isithombe: Facebook Zamoney M Mathaba
Emva kwalokho, wabe eseya kwinhlolokhono yamaModeli eStable Theatre, eyayihlanganiswe yi-EzaseDurban KZN wafike waphumelela. Uthi wathola ukukhula okukhulu esakule-Agency athi uyaziqhenya ngokusho ukuthi yamakha kakhulu. Usebe ingxenye ye-Beauty Peagent Mr Asupol Ekasi KZN, usebe iModel yesikole sokufundela ukuthunga iJabu Academy of Fashion, waphinde waba inxusa ye-Live Your Dream South Africa Youth Awards, ukubala nje okumbalwa.
Uthi okwamgqugquzela kakhulu ukuthi wathi uma kukhona abaxoxela ngomkhakha asengene kuwo, baba baningi abamgxekayo besho nokusho ukuthi ngeke alunge. Uthi wabe esenza eqinisa nokuzimisela enzela nalabo abangakholelwa kuye ukuba babone ukuthi yena ayikho into angeyenze. Uthi akamlaleli umuntu ogxekayo, kunalokho uthatha lokho okubi okushiwo ngaye akwenze kumkhuthaze ekutheni enze kahle kakhulu. Le nsizwa iyazifela ngengqephu, kanti uyazifela nangemibala egqamile.
Uthi ngasempahleni yokugqoka ubheka okusuke kunedumela nesasasa ngaleso sikhathi bese enza okwakhe ekususela kulokho abaningi abasuke bekuthakasela, uthi konke akwenzayo kokugqoka wenza isiqiniseko sokuthi akumshintshi loZamani owaziwayo kanti futhi ugqoka into ezomenza azizwe ekhululekile. Ngithanda ukumvumela-ke la ngase kuthenini indlela ogqoka ngayo nayo iyakwakha, abantu abaningi abazazi ukuthi bafanelwa yini kanti nohlobo lwezitayela ezibafanelayo abazazi. Uhlangane nomuntu namhlanje egqoke kahle kumfanela ngakusasa usengomunye umuntu futhi, noma efanelekile kodwa usehlukile kunento abayiyo izolo. Kubalulekile ukwazi uhlobo lwesitayela sokugqoka esakha wena nesinguwe uqobo futhi esikugcina ukhululekile futhi uhloniphekile. Akusizo zonke izinto ezi-trendayo ekumele uzigqoke, nokuthanda izinto kwesinye isikhathi kuyasimosha futhi. Ngiyajabula mfana wakwaMhlab’uyalingana ukuthi uyayazi into efana nalena ngithemba ukuthi uyaludlulisa lolwazi kwabaseduze nawe.
Uthi ukhiye wakhe ukuthi uthembekile kuyena uqobo, akazikhohlisi ngoba ukholelwa ukuthi ukuzithola uphakathi kokungaziqondi ukuthi ungubani kwenza bantu bangakhululeki ngawe. Kanti uma unguwe ungazikhohlisi futhi ungakhohlisi muntu unika abantu ithuba lokuba bazikhethele bona ukuthi bayafuna yini ukuba seduze nawe noma cha. Uthi jabula nalabo abakujabulelayo ukuba nawe, ukhohlwe ilaba abangakufuni ngoba kubalulekile ukumela iqiniso.
“Konke kuqala ngothando,” kusho uZamani. Ubeke isibonelo sokuthi uma ufuna ukuba ngunjiniyela, ngaphambi kokuba uze uyokufundela qala uphile njengonjiniyela ukuze ukhulise uthamdo futhi ungakhohlwa iphupho lakho. Uzwile-ke? Noma yini ofisa ukuba iyona, qala uyiphile manje. Uma ufuna ukuba ngudokotela iba mningi emitholampilo yangakini uyofuna ukusiza uthole nolwazi, usize abagulayo nabalimele kodwa uqaphele ukhumbule ukuzivikela ezifweni ezithathelanayo. Sekusho mina-ke, ngiyabonga.