Sama Jobe
UMasipala usaqhubeka nokugasela ezindaweni eziyimikhukhu lapho abantu bezakhela emhlabeni kaMasipala ngokungemthetho, ngokusho kukaMasipala.
Indlu edilizwe onogada bakwaMasipala bayishisa e-Azania, isithombe sithunyelwe.
Esitatimendeni esikhishwe inhlangano Abahlali baseMjondolo ngoLwesine, sithi onogada bakwa-Calvin Security okuyibo abenza umsebenzi wokudiliza izindlu ngokusebenzisana noMasipala, babuye sebehamba namaphoyisa kanye namasosha abehlome ngezinhlokohlela zezibhamu, badiliza izindlu e-Azania e-Cator Manor kanye nase-Ekuphumeleleni e-Marianhill. Kwenzeka lokhu nje, ihhovisi likaNgqongqoshe uLindiwe Sisulu, likhiphe isitatimende ngoLwesine lithi libe nomhlangano nezinhlangano zomphakathi ngohlelo lobuchwepheshe njengoba kumisiwe ukuhlangana kwabantu abaningi endaweni eyodwa.
"Asihambisani nokwenzekayo, kunalokho oMasipala nabanikazi bezindawo abazimele ababeke phambili ukunqanda Ukubhebhetheka kwe-COVID-19," kusho isitatimende.
Isitatimende esikhishwe Abahlali baseMjondolo ngoLwesine, sithi nakuba uNgqongqoshe esekhulume kanje kodwa UMasipala weTheku awuthobeli umthetho wezwe kulesi sikhathi se-Lockdown. Siqhuba sithi begcina ukuhlasela bebehamba namasosha, abezindaba bebexoshwa bengavumelekile ukwenza umsebenzi wabo.
UNkk Zandile Nsibande, okhulumela Abahlali baseMjondolo women's league, uthi bona basuka ezindaweni zasemakhaya ngoba amakhosi wezizwe engafuni ukubanika izindawo ngoba ethi bangabesifazane futhi abangashadile.
"Sekwanele! Sinezingane esizikhulisayo kodwa asivumelekile ukuba nemizi. Bahlanu abantu abadutshuliwe e-Azania, omunye wabo usesibhedlela e-Inkosi Albert Luthuli Hospital. La bantu abadilizelwe e-Azania abangu-8 sebehlale unyaka kuleya ndawo, abase-Ekuphumeleleni bona sebehlale izinyanga eziyisithupha, kuphambene nomthetho lokhu okwenzekayo ngokuka-Section 26," kuchaza uNsibande.
Okhulumela inhlangano Abahlali baseMjondolo Women’s League, uZandile Nsibande. Isithombe: www.facebook.com/zandile_nsibande
Umhlali wase-Azania olimale ngesikhathi amasosha, amaphoyisa nabonogada bedubula, isithombe sithunyelwe.
UMnuz Mqapheli Bonono, wenhlangano Abahlali BaseMjondolo, uthi kubukeka sengathi usuku nosuku kumele balindele ukubhekana noMasipala njengoba sebehamba namaphoyisa kanye namasosha.
Okhulumela inhlangano Abahlali baseMjondolo uMqapheli Bonono. Isithombe: www.wordpress.com
UMnuz Mafu Zwane, ongusihlalo e-Azania e-Cator Manor, uthi ngoLwesine babuye kabili futhi bebedubula ngenhlamvu njengoba omunye edluliselwe e-Albert Luthuli Hospital ngenxa yenhlamvu ebhajwe entanyeni.
Umhlali wase-Azania okubhajwe kuye inhlamvu entanyeni. Isithombe sithunyelwe.
Omunye wabahlali base-Azania olimale ngesikhathi sokugasela kukaMasipala. Isithombe sithunyelwe.
Igazi ebelisendaweni yesigameko, e-Azania. Isithombe sithunyelwe.
"Ungixolele ngokubuyela kuwe manje, ngesikhathi ongithinte ngaso besibhekene nempi. UMasipala ufike namaphoyisa basikhipha ezindlini zethu, sizamile ukuzivusa babuya futhi badiliza okwesibili. Njengoba ngikhuluma nawe nje siyakha futhi, abanye balele eduze komlilo esiwubasile. UMkhize yena ubelokhu elandela amasosha ukudla enzela ukuthi adle angasuki eduze kwethu asiqaphe. Agcine ehambile-ke kodwa ebusuku njengoba siqala manje ukwakha futhi, " kusho uZwane.
Amasosha enikwa ukudla eqaphe abahlali e-Azania. Isithombe sithunyelwe.
Ebuzwa ukuthi likhona yini icala elivuliwe emaphoyiseni ase-Cator Manor, esiteshini samaphoyisa esaziwa ngokuthi ikwaKito, uthe alikho futhi sebezwile ukuthi onogada sebelivulile bathi umphakathi odubule kuqala. Okhulumela uMasipala weTheku, uMnuz Msawakhe Mayisela, uphendule ngamafuphi uma ebuzwa ngencwadi yabameli ethunyelwe inhlangano Abahlali baseMjondolo ekuqaleni kwalesonto, wathi bebengakezwa ngayo wagcizelela ukuthi izindlu ezidiliziwe e-Azania nase-Ekuphumeleleni bezingahlali muntu.
Okhulumela uMasipala weTheku uMsawakhe Mayisela. Isithombe: www.enca.co.za
"Besingakezwa ngencwadi yabameli. Sicela ukukwazisa ukuthi izindlu ezidiliziwe bezingenamuntu," usho kanje.