Inhlangano Abahlali baseMjondolo izolekelela ngokudla kulesikhathi se-lockdown

SamaJobe
3 min readApr 15, 2020

--

Sama Jobe

Inhlangano emele abantu abahlala emijondolo eyaziwa ngokuthi Abahlali baseMjondolo Movement, isiqale uhlelo lwayo lokuhlinzeka ngokudla emalungwini ale nhlangano kulesi sikhathi se-COVID 19 kanye ne-lockdown.

Abahlali bemukela ukudla ngoMgqibelo. Isithombe: www.facebook.com/abahlali _basemjondolo

Esitatimendeni abasikhiphe ekhasini labo lwe-Facebook ngoMgqibelo, bathi baqale e-Azania e-Cator Manor kanye nase-Ekuphumeleleni e-Marianhill. Kuzokhumbuleka ukuthi lezi zindawo zike zadilizelwa izindlu izikhawu eziningi, kwalimala abantu zidilizwa inkampani yonogada i-Calvin and Family Security ngokuyalelwa uMasipala weTheku. Okhulumela uMasipala weTheku, uMnuz Msawakhe Mayisela, wathi izindlu abazidilizayo zisuke zizintsha futhi zingahlali muntu.

Umengameli wale nhlangano, uMnuz Sbu Zikode, uthi njengoba indlala kuyisona sitha esikhulu kubahlali basemjondolo bazimisele ukulwa naso.

UMnuz Sbu Zikode owengamele inhlangano Abahlali baseMjondolo. Isithombe:https://www.aljazeera.com/
"Indlala iyona ehlasele kakhulu kulesikhathi esibhekene naso kubahlali basemjondolo, lolu hlelo siluqale ngoMgqibelo. Sibheke ukuthi sisize okungenani imindeni engamakhulu ayisikhombisa (700) emiphakathini engamashumi amathathu (35). Sibala iKwaZulu-Natal, Gauteng, kanye neMpumalanga. Siyaqhubeka kuleli sonto, silinde ukuthi abakwa-Boxer baqinisekise esikuthengile," kusho uZikode.

Uphethe ngokuthi bazoya eCator Crest, eKhenana, eKukhanyeni, Fidel Castro, Lamontville, Kennedy, ukubala nje izindawo ezimbalwa kwabazozihambela.

Esitatimendeni esikhishwe abahlali base-Azania, esibhalwe ngusihlalo wakhona, uMnuz Mafu Zwane, sithi bengumphakathi bajabule kakhulu ukuba umengameli wabo abamthandayo azifikele mathupha azobabona ebalethele ukudla. Kulesi sitatimende, usihlalo uthi okumthokozisayo kakhulu ukubona abahlali base-Azania bejabulile.

UMnuz Mafu Zwane ongusihlalo e-Azania e-Cator Manor.

"Sinengcindezelo eyenziwa uMasipala weTheku ophethwe uhulumeni ka-ANC, ngokuqhubeka nokuwisa imizi yethu ngokungekho emthethweni esesihlale kuyo unyaka wonke. UMengameli usilethela ukudla nje, kade sihlaselwe amaphoyisa ophiko lwe-POP, onogada bakwa-Calvin and Family Group, abafika bashaya omama ngezimpama babakhipha ezindlini zabo, bachitha ukudla, bafaka ngisho inhlabathi ekudleni ebese kulungele ukudliwa, " kusho uMnuz Zwane.

Lesi sitatimende siphetha ngokuthi kwashiswa izingubo, amanabukeni wezingane, kodwa umehluko usuzoba mkhulu njengoba bezolala bedlile. UZwane uthi ngeke besakhathazeka ngokuthi izingane zizodlani, ebonga kuZikode.

Izolo bahambelele eLindelani, Briarden, Burlington, Khenana, Cator Crest. Namuhla kulindeleke ukuba bahambele kwezinye izindawo ezingu-6 ngokusho kukaZikode.

--

--

SamaJobe
SamaJobe

Written by SamaJobe

South African 🇿🇦| Based in India 🇮🇳| Qualified Journalist | Actor/FB: Sama Jobe IG&Twitter: @iamsamajobe

No responses yet