SamaJobe
2 min readOct 28, 2019

AbeLYD basayivulile iminyango kwabafuna ukuxhasa lomcimbi

Abe-LYD

Isithombe esikhishwe abe-LYD

Yize zonke izinto sezimi ngomumo, sezihubela sakusha ngomcimbi waminyaka yonke we-Live Your Dream SA Youth Awards, eyaziwa ngeLYD. Bathi iminyango yabaxhasi isavulelekile noma ngabe uhlobo luni loxhaso ngoba bafuna ukusebenzisana kakhulu nosomabhizinisi abancane abasakhula. Lomcimbi ubusalokhu uqhubeka kahle kusukela waqala ngo2015 kuze Kuba imanje njengoba sebebheke kwihlandla lesihlanu elilindelwe ngabomvu ikakhulukazi intsha yaseNingizimu Afrika.

Okusha ngeLYD yakulonyaka, ukuthi amathikithi asezotholakala e-Web Tickets nase-Pick and Pay. Njengenjwayelo, ngomhlaka 26 kulenyanga babe nenhlolokhono bethungatha abazonandisa emcimbini wakulonyaka.

ULungile Msomi, ongu-Project manager weLYD, uthi konke kuhambe kahle kwaba impumelelo, "Kuhambe kahle kakhulu. Besilindele abantu abaningi kakhulu kodwa abanye abaphumelelanga. Kulabo abezile ikhono belimangalisa yize abanye bebekuthatha samdlalo lokhu. Umdlandla bebengenawo okuyinto ebeyicoba kakhulu,” kubeka ULungile obenza lomsebenzi ngokubambisana noSama Jobe kanye no Nolwazi Dlamini.

Amajaji, kwesokunxele ngu-Lungile Msomi, Sama Jobe kanye noNolwazi Dlamini. Isithombe:Menzi Theo

ULungani Zungu obekhona eStable Theatre, ozibiza ngo-Advo-Dapoet, ongenele lomcimbi ngapha emunxeni we-Best Poet. Uthi ubeqala ukuba ingxenye yaloluhlelo kodwa uncoma izinga lobuchule kubahleli bomcimbi, “Bangigqugquzelile ukuba ngibuye futhi ngonyaka ozayo ngibe ingxenye yakho konke abakwenzayo," kubeka u-Advo-Dapoet.

Ulayini wabakade bethamele inhlolokhono eStable Theatre. Isithombe:Menzi Theo.

Omunye wabaphathi be-LYD, uSnenhlanhla Mtshali, ushaya ikhwela uthi iminyango bayolokhu beyivule njalo kubaxhasi abafuna ukuba ingxenye yalomcimbi,"i-LYD ifuna abaxhasi, noma ubani kuya kosomabhizinisi. Uma une-Production Company ngoba kulonyaka sine-Media Booth, ungasiza ngemishini yakho. Uma ungenalo usizo olunjalo, mhlambe ufuna ukufaka imali nalokho kwamukelekile ngoba indondo ngayinye ihamba nemali engangoR1 000. Mhlambe noma unenkampani yokudla, ungasisiza ngakho noma mhlambe amanzi nawo singawathokozela kakhulukazi ngomhlaka29 sobe sehla senyuka ePlayhouse. Akugcini lapho ngosuku lomcimbi, uba ingxenye yabethula indondo, " kusho uSnenhlanhla. Ugcizelele ukuthi noma uban ofisayo noma ngabe imalini uma enokuthize afisa ukukuphonsa kwamukelekile. Ungaxhumana nabo ku-065 113 4091 noma ku-073 066 2962. I-Email ongayisebemzisa ithi samajobev@gmail.com noma ethi ezasedurban@gmail.com. Owakulonyaka umcimbi ungo-November 30, ePlayhouse yaseThekwini kusukela ngo6 ntambama kuya kweleshumi ebusuku owandulelwa umcinjana omncane we-Red Carpet othatha isikhathi esingange-hora. Eminye imininingwane isazolandela.

SamaJobe
SamaJobe

Written by SamaJobe

South African 🇿🇦| Based in India 🇮🇳| Qualified Journalist | Actor/FB: Sama Jobe IG&Twitter: @iamsamajobe

No responses yet